Kumiswe ukufunwa kwebhubesi lesihlanu eleqa esiqiwini

2017-05-13 08:51

Nelspruit - IMpumalanga Tourism and Parks Agency (MTPA) ngoLwesihlanu isimise ukufunwa kwelinye lamabhubesi amahlanu eqa esiqiwini iKruger National Park. 

ISouth African National Parks ibematasa isonto lonke ithungatha amabhubesi amahlanu eqa esiqiwini ngoMsmombuluko.

La mabhubesi abelokhu ebulala nemfuyo emapulazi asendaweni yaseKomatopoort.

OLUNYE UDABA: Likhonjwa eduze ibhubesi eleqa esiqiwini

Amabhubesi amane asetholakele kanti asephindiselwe esiqiwini.

Isikhulu esiphezulu se-MTPA, uJohannes Nobunga sithe, kusolwa ukuthi mhlawumbe leli bhubesi seliphindele esiqiwini. Kucelwa ukuba umphakathi uhlale uqaphile ngaso sonke isikhathi futhi ubikele abe-MTPA uma leli bhubesi libonakala endaweni.

- eNCA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...