Kumiswe izitimela kubhikisha izakhamuzi

2017-03-20 12:31

Johannesburg – Ukuhamba kwezitimela zakwaMetrorail eSoweto phakathi kwaseNew Canada, eDube naseMzimhlophe kumisiwe ngoMsombuluko ekuseni ngenxa yemibhikisho.

Bekungakacaci kahle ukuthi bezikhala ngani izakhamuzi, kodwa imibhikisho iqale ekuseni kakhulu.

Izakhamuzi zivale imigwaqo ephuma eSoweto ngamathayi nangamatshe.

Okhulumela iMetrorail eGauteng, uLillian Mofokeng, uthe zilinganiselwa kwezingu-20 izitimela okudingeke ukuba zimiswe phakathi kwaseNew Canada naseMzimhlophe.

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo umfundisi weDoom

"Izitimela ezihamba phakathi kwaseNew Canada, Orlando naseMidway zona aziphazamisekanga,” kusho uMofokeng.

Abagibeli belulekwe ngokuba bazame ezinye izindlela ukuze bafike emsebenzini noma ezikoleni ekuseni.

"AbakwaMetrorail bathanda ukuxolisa kubagibeli nakubasebenzi ngokuphazamiseka okudalekile, ukuphepha yikhona okuhamba phambili.”

- ANA

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Partly cloudy. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...