Kumiswe isikhulu sakwaTransnet kulandela umbiko ngethenda ka-R10m

2017-02-22 14:02

Johannesburg – Isikhulu esiphezulu kwaTransnet sinikwe ikhefu eliyisipesheli kulandela umbiko weNews24 mayelana nethenda ka-R10m eyanikezwa inkampani yalowo owayeyisikhulu soikamsolwa.

ITransnet ngoLwesithathu ithe uSandile Simelane, oyinhloko yeTransnet Freight Rail (TFR), unikwe ikhefu eliyisipesheli njengoba kusaqhubeka uphenyo mayelana nethenda okukhulunywa ngayo.

Ngasekuqaleni kwenyanga iNews24 iveze ukuthi i-TFR yanikeza ithenda ka-R10m inkampani yalowo owayengumphathi kaSimelane kwiDevelopment Bank of Southern Africa (DBSA).

Imithombo engaphakathi kwaTransnet ithi uSimelane wabamba iqhaza elikhulu ekusizeni owayengumphathi wakhe ekutholeni le thenda.

OLUNYE UDABA: Asikho emthethweni isinqumo sikahulumeni sokuphuma kwi-ICC - Inkantolo

Inkampani, iCasterbridge Consulting, ibikhokhelwa u-R400 000 ngenyanga isikhathi esingangeminyaka emibili ngomklamo wakwaTransnet owaziwa ngeSwaziland Rail Link.

Imithombo engaphakathi kwaTransnet ithi iCasterbridge nyanga zonke yayikhokhelwa u-R400 000, kodwa bungekho ubufakazi bokuthi usukhona umsebenzi esiwenzile.

"ITransnet iqalise uphenyo ngokukhishwa kwethenda yomklamo weSwazi Rail," kusho okhulume le nkampani kahulumeni, uMike Asefovitz.

"USandile Simelane unikezwe ikhefu eliyisipesheli ukuze uphenyo luqhubeke ngendlela,” kuqhuba u-Asefovitz.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...