Kumiswe isikhulu sakwaSassa

2017-02-28 11:01

Johannesburg – Kumiswe isikhulu sakwaSA Social Security Agency (SASSA), uThokozani Magwaza emsebenzini wakhe kulandela udaba lwethenda yokuholela abantu.

UMagwaza umiswe ngoMsombuluko ebusuku njengoba kusaqhubeka uphenyo ngokuziphatha kwakhe ngemuva kokuba ebhalele incwadi isikhulu esiphezu seSA Post Office (Sapo) uMark Barnes ngemizamo yokuba le nkapani kahulumeni iholele abantu kusukela ekupheleni kwenyanga ezayo.

Iphephandaba i-The Star ngoLwesihlanu libike ukuthi uMagwaza ucasule uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uBathabile Dlamini ngemuva kokuthola ngale ncwadi ebibhalelwe uBarnes.

OLUNYE UDABA: Kuyaqhubeka ukufunwa komfana okhalakathele emgodini wemayini

Okhulumela uMnyango, uLumka Oliphant, akafunanga ukuqinisekisa ukumiswa kwesikhulu kodwa uthe: “ISassa inebamba lesikhulu kusukela namhlanje ntambama (ngoMsombuluko)”.

U-Oliphant uphinde wakuqinisekisa ukuthi isikhulu esiphezu seNational Development Agency uThamo Mzobe uzobamba esikhundleni sikaMagwaza.

UMagwaza kuthiwa ubhalele uBarnes ecela ukuba iSASSA iholele abantu uma inkontileka yayo neCash Paymaster Services (CPS) iphelelwa yisikhathi ekupheleni kwenyanga kaMashi.

INkantolo yoMthethosisekelo ngo-2014 yanquma ukuthi le nkontileka yakhishwa ngendlela engafanele.

-The Star

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...