Kumiswe iphoyisa 'elibulale' obephethe isibhamu sethoyizi

2017-07-27 14:01

Cape Town – Iphoyisa likamasipala, eliphenywa ngecala lokubulala libulale owesilisa ePhilippi, selimisiwe emsebenzini.

Iphoyisa alikathweswa icala okwamanje yi-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) esaphenya ngesigameko.

Kusolwa ukuthi iphoyisa ladubula owesilisa elalifuna ukumsesha ngesonto eledlule.

OLUNYE UDABA: Ubophise indodana ayibone ibulala intombi

Owesilisa kuthiwa wabaleka ngesikhathi emiswa ngamaphoyisa, ngaphambi kokuba aphenduke awakhombe ngesibhamu okungesona esangempela.

Okhulumela i-Ipid, uMoses Dlamini uthi: “Kuthiwa iphoyisa likamasipala lalisebenza ngesikhathi sesigameko. Lalifuna ukusesha umufi ngesikhathi ebaleka. Kuthiwa umufi wabaleka wabe esekhipha ‘isibhamu’ wakhomba iphoyisa.”

Iphoyisa labe selidubula umufi licabanga ukuthi uphethe isibhamu sangempela. 

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...