Kuminze indoda isemcimbini walapho esebenza khona

2017-11-18 09:00

Cape Town – Ishonile indoda eneminyaka engu-21 ubudala eminze olwandle eLamberts Bay ihambele umcimbi wokuphela konyaka walapho esebenza khona eWestern Cape, ngoLwesihlanu ekuseni.

UMattyhs Koch weNational Se Rescue Institute eLambert Bay, uthe, baphuthume endaweni yeisgameko ngemuva kwemibiko yokugwiliza komuntu ngezithuba zabo-11:30.

OLUNYE UDABA:Kugwazwe kwabulawa indoda

Ngesikhathi befika, le ndoda yasepulazini laseCitrusdal ibisishonile.

Le ndoda itholwe ebhishi ngemuva kokuba abangani bayo beyikhiphile.

Ngaleso sikhathi, ibihambele umcimbi wokuphela konyaka lapho esebenza khona inabangani bayo kanjalo nozakwabo.

"Isidumbu sale ndoda siyahlolwa kanti amaphoyisa asevule idokodo," kusho uKoch.

"I-NSRI, amaphoyisa nomnyango wezempilo badlulise amazwi enduduzi emndenini nakubangani bale ndoda."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...