Kuminze indoda, 21, olwandle e-W Cape
2017-11-28 08:01
Cape Town - Kuminze indoda eneminyaka engu-21 ubudala olwandle eCamps Bay ngoMsombuluko ebusuku.
Kukholakala ukuthi umufi ubengomunye wamadoda amathathu amuke nolwandle eKessels Rocks.
OLUNYE UDABA:Kuminze indoda isemcimbini walapho esebenza khona
Abantu abebekhona endaweni bakwazile ukukhipha le ndoda emanzini base bezama ukuyihlenga ngokuyenza i-CPR khona endaweni yesigameko, kodwa ngeshwa kwangalunga.
Lawa amanye amadoda amabili wona akwazile ukuziphumela emanzini esaphephile.
- TWITTER:
- EWN
- News24