'Kumele asitshele umbulali kaMeyiwa ngaphambi kokusitshela nge-ANC'

2016-07-29 10:09

Pretoria – Iqembu le-ANC lehlulekile ukufezekisa isethembiso semfundo yamahhala ngenxa yokungabikho kwemali, kodwa lisebenzise u-R1 billion likhankasela ukhetho, kusho umholi we-EFF uJulius Malema ngoLwesine.

"I-ANC isebenzise u-R1bn ngokhetho, yenza izikibha ikhokhela nosaziwayo ekubeni ningenawo amanzi,” usho kanje etshela izakhamuzi zaseHammanskraal.

Funda nalolu daba: I-DNA iveze ukuthi umsulwa obesolwa ngelokudlwengula

"Behlulekile ukunikeza izingane zethu imfundo yamahhala, kodwa banikeza osaziwayo u-R1bn."

UNomvula Mokonyane, ohola imikhankaso yokhethi kwi-ANC, wadalula ukuthi iqembu elibusayo selisebenzise le mali likhokhela amavolontiya, lithenga izikibha yenza namarali, kubika, kubika i-EWN kuleli sonto.

UMalema uphinde wathi uKelly Khumalo ngaphambi kokuba asitshele ukuthi sivotele i-ANC kumele aqale asitshele ukuthi ubani owabulala unozinti wethu uSenzo Meyiwa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Heavy rain. Breaks of sun late. Warm. PE: 14-19°C Passing showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...