Kume ukubhalisa iNehawu ivala ikhempansi yaseSunnyside e-Unisa

2018-01-17 16:00

Pretoria - Kuphazamiseke inqubo yokubhalisa kwabafundi e-University of South Africa kwikhempasi yaseSunnyside ngoLwesithathu.

Lokhu kulandela isenzo senyunyana iNehawu ivala le nyuvesi ngemuva kokubhuntsha kwezingxoxo zamaholo.

Amalungu e-Nehawu ahlanganyele emasangweni ale nyuvesi ecula amaculo omzabalazo kwaphazamiseka ukubhaliswa kwabafundi.

UNtsako Nombelani, ongumhleli wemfundo ephakeme kuNehawu utshele abeNews24 ukuthi ibhuntshile ingxoxo yokukhushulelwa amaholo njengoba umqashi ufuna ukubanika u-6.5% kanti bona bafuna u-9%.

OLUNYE UDABA:Inyunyana izongenela isiteleka enyuvesi ngodaba lwamaholo

Uqhubeke wathi le nyunyana ifuna bonke abasebenzi abaqashwe ngezinkontileka, baqashwe ngokuphelele ukuze bezokwazi ukuthola umvuzo wokusebenza.

"Sifuna amaholo akhushulwe ngo-12% kodwa sizomamukela u-9%. Isiteleka sethu sizoqhubeka size sikuthole lokhu esikufunayo," kusho uNombelani.

Uthi le nyunyana izoba nomhlangano nale ntuvesi ngoLwesine.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...