Kume izinto kubhikisha izakhamuzi ngenxa yama-rates

2017-08-21 13:59

Pretoria - Izakhamuzi zingenele umbhikisho kwama nse izinto ezingxenyeni zaseMabopane, eGa-Rankuwa, Mabopane naseSoshanguve njengoba kuvalwe imigwaqo ngamathayi ezimoto avuthayo, amatshe nangamagatsha ezihlahla.

Ezinye zezakhamuzi zithi azikwazanga ukuya emsebenzini ngoMsombuluko ekuseni ngenxa yombhikisho.

Eminye imigwaqo ngabo-04:00 ekuseni ngoMsombuluko ibisivaliwe.

Kubikwa ukuthi izakhamuzi zikhala ngokukhushulwa kwemali yama-rates ezindaweni ezingamalokishi.

Ukuhamba kwamatekisi nakho kuphazamisekile nokwenze abantu bangakwazi ukuya emsebenzini.

OLUNYE UDABA: Kuqubuke udlame kubhikishelwa olwezindlu

Ababhikishi bazosuka ngamabhasi eSoshanguve, Ga-Rankuwa naseMabopane belibangise edolobheni ePitoli.

Bazomasha balibhekise amahhovisi eMeya yaseTshwane, uSolly Msimanga.

Abashayeli bezimoto bangalindela ukuvalwa kweminye yemigwaqo edolobheni ePitoli nokungase kuphazamise ukuhamba kwezimoto, kubika iSABC.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...