Kumbiwe ithuna lengane befuna ukuthaka umuthi ngezicubu

2016-05-23 10:07

Durban - Udinwe uyaveva umphakathi waseSijodi KwaNgcolosi, entshonalanga yeTheku, ngowesilisa ombe ithuna lengane yakwaVilakazi, eshone inezinyanga eziyisithupha izelwe , nebisinesonto ifihliwe, kubika iphephandaba iLANGA.

Kubikwa ukuthi le ngane yashona ngendlela engaqondakali. Kuthiwa umsolwa uthi ukwenze lokhu ngoba ethunywe yisangoma – naso esiboshiwe – ukuthi athole isidumbu sengane ukuze sizokwenza umuthi onzima, sona nenye nesinye.

Funda nalolu daba: Owesilisa ugwetshwe engu-18 ngokubulala nokweba

Kuthiwa umndeni wakwaVilakazi uvuke ekuseni ngoLwesihlanu ithuba limbiwe, nokuthe uma ubheka emgodini isidumbu sengane besingekho.

Kuthiwa ubesethungathwa umsolwa ngoba kukhona abathe ubonakele ngasethuneni lengane phakathi kwamabili, kuthe uma esebanjiwe waphekwa ngemibuzo wagcina ezivumele.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natala uLieutenant Nqobile Gwala, uthi amaphoyisa abophe abasolwa ababili ngesehlakalo kanti bazovela maduzane enkantolo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Heavy rain. Breaks of sun late. Warm. PE: 14-19°C Passing showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...