Kumbhedele ochithe ubhiya womunye ngephutha

2016-12-18 17:10

Johannesburg – Kusuke isidumo ngesikhathi owesilisa, 54, ekhahlela ngephutha itafula kwachitheka ubhiya wendoda, 34, endaweni yokucima ukoma eseRamokonopi West, e-East Rand.

Umbiko weGermiston City Times uthi umnikazi kabhiya uvuke umbhejazane wahlasela le ndoda.

“Kuthiwa umsolwa uhoshe ummese wase egwaza isisulu ephindelela emzimbeni nasekhanda.

“Isisulu sibe sesiphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kwalesi sigameko,” kusho owamaphoyisa uCaptain Mega Ndobe osebenzela amaphoyisa aseKurhuleni West Cluster.

OLUNYE UDABA: Udutshulwe wabulawa kubangwa ubhiya e-KZN

Amaphoyisa asesiteshini saseKatlehong South Police Station abe esethungatha umsolwa amthola, zamkhalela kanjalo wase ebekwa icala lokuzama ukubulala.

“Amaphoyisa kumanje aphenya ukuthi umsolwa ungene kanjani kule ndawo yokucima ukoma ephethe ummese,” kusho uNdobe.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge kungekudala.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...