Kulindeleke ukuba kuboshwe abanye kwelokudliwa 'kwezicubu zabantu'

2017-08-22 12:31

Durban - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aqinisekise ukuthi baningi abasazoboshwa ecaleni elihlobene nokudliwa kwezicubu zabantu endaweni yase-Escourt.

Kuboshwe amadoda amane kanti avelile enkantolo yendawo ngoMsombuluko.

Oyedwa wabasolwa uzivumele ngokwakhe ukudla izicubu zabantu.

OLUNYE UDABA:Bazogqunywa esitokisini ababhekene 'nelokudla izicubu zomuntu'

UThembeka Mbele, okhulumela amaphoyisa esifundazweni, unxuse labo abadukelwa amalungu emindeni yabo ukuba babikele amaphoyisa.

Khonamanjalo, amadoda amabili athweswe icala lokubulala, ngemuva kokuba eyodwa yawo yatholakala idayisa ikhanda lendoda maphakathi nedolobha iTheku, azobuyela enkantolo yendawo ngomhlaka-14 Septhemba.

La madoda avele kafushane enkantolo ngoMsombuluko.

USiyabonga Jojisam, 24, noLehlonono Swaartbooi, 32, baboshwa emasontweni amabili adlule.

UJojisa kusolwa ukuthi waboshwa ngesikhathi efuna isangoma ayezosidayisela ikhanda ukuze sizokwenza umuthi ngalo.

Umufi wahlonzwa ngelikaThembinkosi Nzimakwe, 34, wasemjondolo yaseMayville, entshonalanga yeTheku.


 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...