Kulindeleke ukuba bagwetshwe ababulala owesifazane ngesihluku

2017-02-13 07:20

Cape Town - Kulindeleke ukuba INkantolo eNkulu yaseWestern Cape igwebe amadoda amane atholwa enecala lokubulala nokushiya isidumbu sowesifazane waseKhayelitsha esitamukokweni namuhla.

UMasimthembe Solontsi, uPhumlani Nyewu, uMelikhaya Mgushelo noThabiso Balithoba batholwa benecala ngoDisemba ngokubulala uBongiwe Ninini, 19, ngo-2015.

OLUNYE UDABA: Kugwetshwe umnikazi wamakhaza ngelokubulala

UNinini wabulawa ngemuva kokuyovakashela uNyewu ayesenesikhathi ejola naye. Laba abanye abathathu babekhona ngaleso sikhathi belalele umculo bephuza notshwala.

Inkantolo ithole imbangela yesigameko sokubulawa kukaNinini kodwa imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu itshengise ukuthi waklinywa waphinde washaywa kanzima futhi kungenzeka nokuthi kwasetshenziswa nehhalavu.

Ekuhlolweni kwesidumbu kuphinde kwatholakala nokuthi kulimale ingqondo nokuthi ingxenye yogebhezu lwekhanda lufacakile.

Isiodumbu sikaNinini sathwalwa ngeshidi sayolahlwa esitamukokweni.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-16°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Partly cloudy. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...