Kulindeleke ukuba ashubise umnkantsha amakhaza eThekwini

2017-08-15 18:00

Durban - Isimo sezulu sibe sihle eThekwini kuqala inyanga ka-Agasti, nakuba kunjalo, izangoma zezulu zixwayisa ngokwehla kwamazinga okushisa.

OweSouth African Weather Service, uJulius Mahlangi, uthe kulindeleke ukuba kube nomoya omkhulu ezindaweni ezigudle ugu, liphinde likhithike kwisifunda esiseNingizimu yeNtshonalanga.

"Kusukela namuhla (ngomhlaka-15 Agasti), kulindeleke ukuba kubemakhaza eThekwini kuze kushaye impelasonto kanti kungenzeka liqhubeke nokubanda nangesonto elizayo," esho.

OLUNYE UDABA:Izangoma zezulu zithi amakhaza azobe eshubusa umkantsha eKZN

UMasipala weTheku uxwayise ngokuvalwa kwesikhashana kwamabhishi okubalwa kuwo; iReunion, iWarners naseMgababa kulandela ukuqagulwa kwezinga lokunyuka kwamanzi kulezi zindawo.

Lesi sinqumo siza ngemuva kokuba kube nezingxoxo nabakwa-South African Weather Bureau kanye nabe-KZN Sharks Board.

Ukuvalwa kwala mabhishi kumayelana nokunyuswa kwamanethi avimba oshaka emabhishi.

Umasipala uzoqapha isimo kwamanye amabhishi angaphansi kwawo.

Uma kunesidingo sokuvalwa kwamanye amabhishi, umphakathi uzokwaziswa kusenesikhathi.

 - Highwaymail




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Light rain late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...