Kulindeleke livele enkantolo iphoyisa elisolwa ngokubulala umndeni

2017-10-04 12:30

Johannesburg – Iphoyisa laseGermiston elisolwa ngokuthengela umka mfowabo izinkabi kanye nodadewabo kulindeleke avele okukuqala enkantolo ngoLwesithathu.

Amaphoyisa abophe iphoyisa elineminyaka engu-33 ubudala ngoMsombuluko ngesikhathi lisebenza esiteshini samaphoyisa eGermiston.

Kuthiwa labulala laba besifazane ngenxa yokungaboni ngasolinye ngodaba lwamafa omndeni.

Libhekene namacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala ingane kamfowabo.

Abantu abathathu okuthiwa wabathenga ukuba babulale unkosikazi kamfowabo kanye nodadewabo ngo-20215 seliqalile ukuthethwa ical labo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe isikhulu samaphoyisa ngokweba

Okhulumela amaphoyisa uLungelo Dlamini uthe: “Uboshwe ngemuva kokuba inkantolo ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe mayelana necala elisaphenywa.”

Kukholalaka ukuthi umfowabo wephoyisa, owayengumnikazi wamatekisi, wadutshulwa wabulawa ngo-2014, washiya emhlabeni unkosikazi kanye nezingane ezintathu.

Ukufa komfowabo kuthiwa yikhona okwamenza wafuna ukubulala unkosikazi kamfowabo ukuze ezothatha ibhizinisi lakhe.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...