Kulindeleke isinqumo sebheyili kosolwa ngokubulala 'intombi'

2017-06-30 09:31

Johannesburg – Owesilisa osolwa ngokubulala uKarabo Mokoena uzokwazi namhlanje ngoLwesihlanu ukuthi uyadedelwa yini noma cha ngebheyili.

USandile Mantsoe usolwa ngokubulala aphinde ashise uMokoena, kodwa uyaliphika icala.

UMantsoe watshela iNkantolo yeMantshi eGoli ukuthi umufi wazibulala yena.

OLUNYE UDABA: Kushone 'oshayiswe yimoto' ehamba ngebhayisiki

Kodwa uMbuso umile kwelokuthi  uMantsoe wabulala umufi, 22, ukuze ezonqamula isivumelwano segazi abasenza besathandana.

Kuthiwa lalingasahambi kahle ibhizinisi likamsolwa ngesikhathi engasathandani nomufi.

Abashushisi bathi akucaci kahle kodwa ukuthi ngabe uMokoena wayesaphila yini ngesikhathi ethelwa ngophethiloli, eshiswa.

- eNCA

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...