Kulindeleke inkantolo ikhiphe isinqumo ngowe-ANC osolwa ngokushaya owe-DA

2018-04-17 09:31

Port Elizabeth – Inkantolo yasePort Elizabeth kulindeleke ikhiphe isinqumo ngekusasa lsekhansela le-ANC u-Andile Lungisa.

ULungisa ubhekene namacala okushaya ikhansela le-DA uRano Kayser.

ULungisa usolwa ngokushaya uKayser ngengilazi ekhanda.

OLUNYE UDABAKweqe iziboshwa ebezisanda kugwetshwa ngawokubulala

Uyaziphika lezi zinsolo, uthi wayezivikela njengoba wayethukile, ezungezwe ngamalungu e-DA.

UMbuso uthi ubufakazi bakhe abunaso isisindo ngemuva kokwethulwa kwe-video eyaqoshwa ngeselula, neveza amalungu e-DA embalekela.

UMbuso uthi futhi nobufakazi bakhe abuqondakali njengoba bushintsha njalo.

Isigameko senzeka ngo-Okthoba 2016.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...