Kulindeleke avele enkantolo owesine osolwa ngokudla abantu

2017-08-24 09:33

Durban – Umsolwa wesihlanu ecaleni lokudla izicubu zabantu kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi e-Estcourt ngoLwesine ekuseni.

Umsolwa oneminyaka engu-32 ubudala uboshwe ngoLwesibili ebusuku wuphiko lweProvincial Occult Related Crime, kubika i-TimesLIVE. 

Abanye abasolwa abane baboshwa e-Estcourt ngoLwesihlanu ebusuku ngemuva kokuba owesilisa oyedwa ezinikele emaphoyiseni, eyovuma ukuthi udla izicubu zabantu, ngokubika kwe-The Witness.

UNino Mbatha, 32, Sthembiso Sithole, 31, Lindokuhle Masondo, 32 noLungisani Magubane, 30, bavele eNkantolo kaMantshi e-Estcourt ngoMsombuluko ekuseni ngamacala okubulala nokwakha uzungu.

OLUNYE UDABA: Idolobha laseKapa lihamba phambili ngezigameko zokubulala

Kuthiwa laba badlwengula, babulala baphinde banquma owesifazane, abagcina ngokumudla.

Enkantolo, ikhansela lendawo uMthembeni Majola utshele i-The Witness ukuthi emhlanganweni womphakathi kunezakhamuzi ezibalelwa kwezingu-300 ezavuma ukuthi zadla izicubu zomuntu ezaziphethwe uMbatha.

UMbatha uyinyanga. 

Awukho umthetho ovimbela ukudliwa kwezicubu zantu kodwa kuyicala ukutholakala nezicubu zomuntu ngaphandle uma uthole igunya.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...