Kulindeleke avele enkantolo osolwa ngokuqola abantu u-R3m

2017-04-10 07:13

Gauteng – Owesilisa oboshwe ngezinsolo zokuqola abantu abangaphezu kwabahlanu imali engaphezu kuka-R3 milion kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eRandburg ngoMsombuluko, ngokusho kwamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubele uthe owesilisa uboshwe emzini oseGoli ngoMgqibelo ntambama.

Kuthiwa izisulu zakhohliswa ngabantu abathile ezinyangeni ezimbili ezedlule ngokutshala imali, kusho uMakhubele.

OLUNYE UDABA: Ishubile eyombango wezikhundla ze-ANC kwesikaNxamalala

Bonke abantu abaqolwa bangabasendaweni yabadla izambane likapondo eSandton.

Umsolwa, oneminyaka elinganiselwa ko-30 ubudala, ubhekene namacala okukhwabanisa nawokweba.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...