Kulindeleke avele enkantolo maduze uManana: Umbiko

2017-08-10 11:00

Johannesburg - Imibiko iveza ukuthi iSekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMduduzi Manana, kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg maduze ngecala lokubeka isandla owesifazane.

Kusuke ukukhuluma kulandela ukubonakala kwe-video eyaqoshwa ngeselula etshengisa uManana ehlasela owesifazane ngaphandle kwasekilabhini eseGoli.

OLUNYE UDABA:Livulelwe icala lokushaya owesifazane iPhini likaNgqongqoshe

Lesi sehlakalo sigxekwe kakhulu, iningi lifuna ukuba uManana aboshwe ngokushesha.

UManana, osekhiphe izitatimende ezimbili eziqinisekisa isehlakalo futhi exolisa ngesenzo sakhe, umphakathi ubungakamboni selokhu kwenzeka lesi sigameko.

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...