Kulindeleke aphinde ehle amanani kaphethiloli

2018-02-16 18:01

Johannesburg - Izibalo eziphume maphakathi nenyanga zikhomba ukuthi amanani kaphethiloli angase ehle ngemali elinganiselwa ku-30 cents ilitha, akadizili ehle cishe ngo-40 cents ilitha kuthi akaphalafini wona ehle ngo-21 cents.

Lokhu kuzobeka amanani kaphethiloli wohlobo lwe-95 Unleaded ku-R13.82 eGauteng, ehlele ku-R13.33 ezindaweni ezisogwini.

Nakuba kunjalo, indlela izinto ezenzeka ngayo zikhomba ukuthi amanani angase ehle kakhulu kunalokhu – kodwa kuzoya ngokuthi amanani kawoyela ami kanjani kusuka manje kuya ekupheleni kwenyanga, kanjalo nesimo serandi.

OLUNYE UDABA: Azehlanga kahle ezimakethe izindaba zokungabekelwa kukaZuma umnqamulajuqu

Ngokusho kwe-Automobile Association (AA), amanani kawoyela emhlabeni ehle kakhulu kusukela kuqala inyanga kaFebhuwari, nokuzoba nomthelela omuhle ekwehleni kwamanani kaphethiloli.

Okunye okubeka ethubeni elihle ukwehla kwamanani kaphethiloli ukuqina kwerandi, okumanje lingaphansi kuka-R12 uma kuqhathaniswa nedola laseMelika.

"Ukwesula kukaJacob Zuma kwesokuba uMengameli waseNingizimu Afrika kunikeze irandi amandla, kanti silindele ukuba lokhu kubenomthelela omuhle kumanani kaphethiloli ekupheleni kwenyanga,” kusho i-AA.

I-AA ixwayise ngokuthi lokhu kodwa akusho ukuthi isimo somnotho kuleli sesihamba kahle, izwe lisabhekene nengcindezi ezintweni eziningi, okubalwa kuzona nemali yentela eqoqwayo encane kunalokhu okulindelekile, nokungaphathwa kahle kwamabhizinisi kahulumeni.

- IOL Motoring

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...