Kulimale unogada kubanjwa inkunzi imoto yemali eThekwini

2017-08-10 18:02

Durban - Kubizelwe onogada benkampani iMarshall Security endaweni yesigameko sokudubula esenzeke endaweni yaseDube Village ngoLwesine ngezithuba zabo-12:00, enyakatho yeTheku.

Imibiko evela endaweni yeisgameko iveza ukuthi ngesikhathi unogada wemoto yemali eyolanda imali esitolo esisendaweni, Uvinjezelwe ngamadoda amabili, abehlome ngezibhamu.

La madoda afune imali kwase kusuka uthuthuva, omunye wabasolwa wadubula, kwalimala unogada eqakaleni.

Umsolwa ube esebamba inkunzi unogada emephuca imali nesibhamu ngaphambi kokubaleka ngemoto.

Imoto nemali kube sekutholakala ngemuva kwesikhashana khona kude kuduze nasendaweni yeisgameko. Amaphoyisa ophiko lwe-SAPS K9 abe eseqala ethungatha abasolwa, nakuba kunjalo abasolwa basagcwele amathafa.

Amalungu omphakathi aphuthumise unogada othole ukulimala emtholampilo osendaweni lapho ahlangane khona nabosizo lokuqala iCrisis Medical Paramedics.

Le ndoda ibe isixilongwa khona lapho ngaphambi kokudluliselwa esibhedlela iyoqhubeka nokwelashwa.

Isigameko sidluliselwe emaphoyiseni i-South African Police Services, ukuze kuzophenywa.

 - ArriveAlive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...