Kulimale oyedwa ubaba edubula amadodana kubangwa ugandaganda

2017-02-21 14:00

Ladysmith - Umndeni wakwaNzimande eWatersmeet, ngaseLadysmith, usashaqekile ngemuva kokuthi ubaba womuzi evulele ngenhlamvu ebhekise kumadodana akhe amathathu ngenxa yokuthi alande ugandaganda wakhe kamakhelwane lapho okuthiwa wayewushiye khona ngaphambi kokuba anyamalale.

Lo baba, 65, kuthiwa ubesenyamalale isikhathi esingaphezulu kwenyanga engaziwa ukuthi ukuphi, kubika iSolezwe.

UMnuz Siyabonga Nzimande, 40, oyindodana, uthe ngesikhathi uyise edubula kulimale kanzima umfowabo omncane ophuthunyiswe esibhedlela.

Uthi batshelwe ngumakhelwane ukuthi bazolanda ungandaganda wakubo ngoba ukade wahlala egcekeni lakhe.

"Kuthe uma sesibuya sahlangana nobaba wasibuza ukuthi siyithathe kuphi imvume yokuthatha ugandaganda wakhe. Ube esehosha isibhamu, wadubula," kuqhuba uSiyabonga.

Uthe bazamile ukubaleka kodwa ubaba wakhe waqhubeka nokudubula, kwase kushayeka umfowabo ongumagcino, uSenzakahle Nzimande ophuthunyiswe esibhedlela.

OLUNYE UDABA:Omunye ovele kwividiyo kathisha uselaxazwe ubaba wengane yakhe

Uthe kusize ukuthi isibhamu siphelelwe yizinhlamvu nokuthi bakwazi ukusondela kuye bamphuca sona.

“Ubaba ungumuntu osabekayo nonodlame. Uhlezi elwisana nomndeni. Kumanje akahlali ekhaya, uyahamba abuye uma esethanda," esho.

Kuthiwa isibhamu abedubula ngaso ngesikankosikazi wakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi icala elivuliwe esiteshini samaphoyisa esiseLanglaagte.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...