Kulimale owesilisa kudutshulwana namaphoyisa

2017-09-21 11:00

Pretoria - Owesilisa udutshulwe walimala esigamekweni sokudubulana namaphoyisa ngoLwesithathu emini.

Ngokubika kwabe-ER 24 ababizelwe endaweni yesigameko emgwaqeni uGarstfontein eMooiplaas ngo-15:45 ntambama.

Ngokubika kwephephandaba iRekord East lo mlisa okukholakala ukuthi useminyakeni yo-30 ubudala utholakale elele emgwaqeni ezingezwe amaphoyisa.

Abezimo eziphuthumayo bahlole isimo sakhe bathola ukuthi unenxeba lokudutshulwa emhlani futhi ubesesimweni esibucayi kakhulu.

OLUNYE UDABA:Liwotha ubomvu isoka lentokazi okuthiwa iyishende lika-AKA

Okhulumela abezimo eziphuthumayo uRussel Meiring uthe lo mlisa ulashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa uuKaputeni Jan Sepato uthe eminye imininingwane ngalesi sigameko isazokhishwa.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...