Kulimale owesifazane kuqhuma ibhomu egcekeni

2017-01-05 08:17

Masisi – Kulimale owesifazane waseLimpopo ngesikhathi kuqhuma ibhomu ebithukuswe ngaphansi komhlabathi endaweni eseduza nesizinda samasosha esiseMadimbo, eduze nomngcele waseZimbabwe, ngasempumalanga yeMusina.

Owesifazane, ongowaseGumbu Village kuthiwa ubecenta egcekeni ngesikhathi kuqhuma leli bhomu.

Ulimale ebusweni. Okhulumela umphakathi uMahwasane Mudzweda utshele iNews24 ngoLwesithathu ukuthi isehlakalo senzeke ngaphambi kwezikhathi zasemini.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe nowesifazane ngezinsolo zokuphanga eMall

"Siyesaba kakhulu, lento yenzeke egcekeni lomuntu obezicentela,” kusho uMahwasane.

Le ndawo kudala yayiyinkundla yezimpi ezaziphakathi kwababelwela inkululeko kanye nohulumeni wobandlululo.

Amaphoyisa awatholakalanga ukuba aphawule.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...