Kulimale kabi ababili izigebengu zibamba amaloli amabili ku-N3 eGoli

2017-02-23 16:01

Durban -  Kuvalwe umgwaqo uN3 ngase-Baccleuch eGoli kulandela isigameko sokugetshengwa kwamaloli abethwele omakhalekhukhwini.

Kubikwa ukuthi izigebengu zihlasele amaloli amabili athatha omakhalekhukhwini. La maloli abephelezelwa onogada behamba ngemoto encane.

OLUNYE UDABA:Zicishe zaduna imoto yeSilo izigebengu eShowe

Abe-Emer-G-Med's RV1, RV4, M07, A03 kanye nabe-K9 TEMS baphuthume kule ndawo yesigameko ku-N3 lapho kuhlukana khona u-N1 kanye neBuccleuch, enyakatho nedolobha iGoli.

Abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo bathola ukuthi kulimale umshayeli weloli kanye nonogada oyedwa.

Abalimele bahlengelwe kule ndawo ngabe-Emer-G-Med kanti bebesesimweni esibucayi kakhulu.

Amaphoyisa nawo abekhona kule ndawo kanti kutholakale izinhlamvu ezingaphezu kuka-50 endaweni yesigameko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Isangoma sase-KZN sisolwa ngokudlwengula

Emizuzwini eyi-27 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...