Kulimale izingane zesikole engozini yetekisi eThekwini

2017-03-06 11:00

Durban – Sekulimale abantu abangu-19, iningi labo okuyizingane zesikole, ngemuva kokuthi itekisi lishayisane nenye imoto kuFisher Road, eHillcrest, ngoMsombuluko ekuseni, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela abakwa-Rescue Care, uGarrith Jamieson, uthe leli tekisi belithutha izingane zesikole.

OLUNYE UDABA: Kulimale 15 wabantu kushayisana amatekisi e-KZN

Ngokusho kukaJamieson, zilinganiselwa ku-17 izingane ezineminyaka engaphansi kuka-13 ubudala ezithole ukulimala.

Iziguli ezithole ukulimala zilashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba ziphuthunyiswe ezibhedlela ezihlukene eThekwini.

Iziphathimandla zinikele endaweni yesigameko.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...