Kulimale izingane ezingu-70 engozini yebhasi eKZN

2017-05-12 14:03

Cape Town – Balinganiselwa ku-70 abafundi abalimale engozini eyenzeke ku-R603 e-Adams Mission.

Abe-ER24 bathi lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu ekuseni.

“Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola ibhasi lilele ngohlangothi. Kulashwe izingane ezilinganiselwa ku-70 ezilimele ngezindlela ezahlukene. Le ngozi yenzeke ngoLwesihlanu ekuseni,” kusho abe-ER24 ngesitatimende.

OLUNYE UDABA: Umshayeli uphume wabaleka kusha ibhasi ebelithwele izingane

Ezinye izingane zitholakale seziphumile ebhasini, ngenhlanhla azikho ezilimale kakhulu.

Amaphoyisa akhona endaweni yesigameko ukuzohlola isimo.

Lokhu kwenzeka nje, izingane ezingu-22 eziphakathi kweminyaka emibili kuya kwemihlanu ubudala zithole ukulimala ngesikhathi itekisi ebezihamba ngayo ishayisana neveni yangena emzini womuntu eBordeaux, eRandburg ngoLwesine, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela iNetcare 911 uNick Dollman uthe itekisi ibe isishayisa udonga lomuzi yaphenduka ngezithuba zabo-15:22 ngoLwesine.

UDollman uthe abosizo lokuqala bahlole abantu ababili asebekhulile besifazane kanye nezingane ezingu-22 ebezisetekisini kanye nomshayeli weveni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa eSoweto

Emizuzwini eyi-41 edlule
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 13-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-25°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C a few showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...