Kulimale izingane ezingu-23 engozini e-KZN

2017-04-18 11:03

Johannesburg - Sekulimale izingane ezingu-23 engozini yetekisi KwaZulu-Natal namuhla (ngoLwesibili) ekuseni.

Kuthiwa itekisi ingene emseleni eManzimtoti.

Kukholakala ukuthi umshayeli uhlulekile ukulawula imoto njengoba ephelelwe ngamabhuleki.

OLUNYE UDABA:Ingozi yebhasi enyantisa igazi emgwaqeni omkhulu

URussel Meiring we-ER24 uthe amaphoyisa asendaweni yesigameko.

"Abe-ER24 kanye nabanye bezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko, itekisi isemseleni eceleni komgwaqo.

"Izingane zitholwe zizulazula endaweni yesigameko kanti ezinye bezisangaphakathi etekisini.

"Izingane zilashelwe endaweni yesigameko zabe seziphuthunyiswa esibhedela esiseduzane ziyoqhubeka nokulashwa."

 - EWN

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...