Kulimale izingane ezingu-19 kusuka isibhudubhudu esikoleni eGoli

2017-10-13 19:34

Johannesbuirg - Kulimale izingane ezingu-19 esigamekweni okusolakala kuso ukuthi zigxobane ngezinyawo ngesikhathi kusuka isidumo esikoleni samabanga aphansi e-Ivory Park.

Abezimo eziphuthumayo bathi okwamanje akukacaci ukuthi yini eholele ekutheni lezi zingane zigxobane, kepha bonke abalimele baphuthunyiswe esibhedlela.

Iziphathimandla ziyaphenya ngalesi sigameko ukuze kutholakala ukuthi kube yini umsuka waso.

Okhulumela abakwa-ER24 uRussel Meiring uthe: “Abosizo lokuqala bakwa-ER24, belekelelana nabanye, bafike endaweni yesigameko bathola ukuthi abesifundazwe sebefikile.

OLUNYE UDABA: Kushone 19 abazalwane begxobana ngezinyawo

"Kuthe uma sihlola isimo sathola ukuthi kulimale izingane ezingu-19. Zithole usizo lwezempilo endaweni yesigameko ngaphambi kokudluliselwa ezibhedlela ezahlukene."

Kwesinye isigameko esenzeke eKapa, kushone abantu abathathu kwathi ababili balimala kulesi sigameko esenzeke e-Athlone ngoLwesine ebusuku.

Laba ngamadoda aphakathi kweminyaka engu-34 no-60 ubudala, ababulawe eKewton.

Owamaphoyisa uSinathi Joni uthi basaqhuba uphenyo.


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...