Kulimale izicishamlilo eThekwini kusha ibhilidi

2016-01-01 08:33

Durban - Kulimale izicishamlilo ezine ngesikhathi zikhipha owesifazane nezingane ebhilidini ebelisha maphakathi nedolobha laseThekwini ngoncibijane.

Ngesikhathi abezicishamlilo nabosizo lokuqala befika endaweni yesigameko kuJoe Slovo Street(Field Street) ibhilidi belivutha amalangabi, kusho okhulumela abe-ER24 uChitra Bodasing.

Izicishamlilo ezintathu zilimale ngesikhathi zibhula umlilo kanti esesine sona sihogele kakhulu intuthu kodwa yize kunjalo zikwazile ukutakula owesifazane nezingane zakhe ezimbili ebhilidini.

OLUNYE UDABA: Kusize izicishamlilo kutakulwa isidudla

Kulashwe owesifazane oneminyaka engu-19 ubudala ohogele intuthu kanti izingane ezimbili ziphuthunyiswe esibhedlela.

Kutholwe omunye wesifazane nengane ophahleni lwaleli bhilidi naye olashelwe ukuhogela intuthu nengane basebephuthunyiswa esibhedlela.

Imbangela yesehlakalo iyaphenywa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...