Kulimale inqwaba yabantu engozini yebhasi

2017-11-29 11:00

Bloemfontein  - Kulimale inqwaba yabantu ngemuva kokuba ibhasi lingene emhosheni eBloemfontein, kusho abosizo lokuqala ngoLwesithathu.

Isigameko senzeke ngoLwesine ekuseni ku-N8 eduzane nasesikhumulweni sezindiza.

Okhulumela amaphoyisa uRussel Meiring uthe abosizo lokuqala kanjalo nabezimp eziphuthumayo, bafika endaweni yesigameko ngaphambi kwezithuba zabo-07:00 ekuseni bafica ibhasi liseceleni komgwaqo.

OLUNYE UDABA:Ingozi yebhasi enyantisa igazi emgwaqeni omkhulu

"Abagibeli bese bephumile ebhasini beyaluza emgwaqeni. Abezimo eziphuthumayo baxilonge abagibeli bathola ukuthi bangu-27 abalimele ngezindlela ezahlukene,"kusho yena.

Ngenhlanhla bebengekho abalimele kakhulu noma abashonile.

Abalimele balashelwe kule ndawo ngaphambi kokuputhunyiswa esibhedlela.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...