Kulimale abathathu kushayisana izimoto kwisivimbamgwaqo

2017-09-03 17:05

Durban - Abezimo eziphuthumayo abasebenzela inkampani iCrisis Medical babizelwe emgwaqeni uM4 Ruth First Highway phakathi kwamabili.

Okhulumela le nkampani uKyle van Reenen utshele abamaphepha ukuthi amaphoyisa bewahlele isivimbamgwaqo kule ndawo ngesikhathi kuqhamuka imoto ihamba ngesivinini esikhulu.

"Bathathu abagibeli abebesemotweni emile abalimele, kanti oyedwa wabo ulimale kakhulu. Abezimo eziphuthumayo balaphele lo wesilisa kule ndawo ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela.

Ababili abalimalanga kakhulu kodwa nabo baphuthunyiswe esibhedlela ukuba bayohlolisiswa.

OLUNYE UDABA:Uboshiwe umshayeli ofuthisiwe kwatholakala ukuthi uphuzile ekuseni ngovivi

Umshayeli wale moto yena akazange alimale kanti uvele wathathwa ngamaphoyisa ngaleso sikhathi.

Kuwo wona lo mgwaqo, kushone owesilisa oseminyakeni yo-40 ngesikhathi imoto yakhe iphaphalaza yakhalakathela ehlathini.

Abezimo eziphuthumayo bathole lo wesilisa elemele kabi, bamlaphele kule ndawo ngaphambi kokumphuthumisa esibhedlela nokuyilapho ashonele khona.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...