Kulimale abasebenzi ababili kuwa isakhiwo eThekwini

2017-12-07 19:36

Durban – Kulimale abasebenzi ababili abangomakhi ngemuva kokuwa kophahla lwesakhiwo esiseNewlands East, eThekwini, ngoLwesine.

UGarrith Jamieson, okhulumela abezimo eziphuthumayo zakwaRescue Care, uthe abasebenzi ababili abalimalile bathole usizo lwezempilo endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela ukuze bayothola usizo oluthe xaxa.

Lesi sakhiwo okuyiShoprite Newlands City esikuMarble Ray Drive kuthiwa besinwetshwa ngesikhathi kuwa uphahla.

"Imininingwane eholele ekuweni kwalolu phahla ayicaci kahle kepha amalungu e-SAPS abekhona endaweni yesigameko futhi ayaphenya ngembangela," kusho uJamieson.

OLUNYE UDABA: Impicabadala kolokuwa kwesakhiwo sasoThongathi

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa athole ucingo ngokuwa kwesakhiwo kepha alikho icala elivuliwe.

Iziphathimandla zale nxanxathela yezitolo azizange zitholakale ukuba ziphawule.

Isisebenzi esiphendule ucingo kule nxanxathela sidlulisele iNews24 ehhovisi lemenenja, kepha belukhala lungabanjwa.

Kuthe uma kushayelwa le nxanxathela ngokuhamba kwesikhathi, ucingo belungasaphendulwa.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...