Kulimale abantu isitimela siphuma kujantshi

2017-08-18 11:00

Cape Town -  Kulimale abantu abangu-7 abaphume esitimeleni sihamba ngenxa yokutatazela nokwesaba ngesikhathi isitimela siphuma kujantshi eKapa, ngoLwesihlanu.

Isigameko senzeke ngezikhathi zebhizi namuhla ekuseni esiteshini sesitimela eBellville.

OLUNYE UDABA:Kulimale abangu-11 inqola iphuma kujantshi

Okhulumela abakwaMetrorail, uRiana Scott, uthe abantu bathole imihuzukwana kanti abanye babhinyilika emaqakaleni.

Imibiko esezinkundleni zokuxhumana iveza ukuthi kunokubambezeleka kokuhamba kwezitimela phakathi kwaseStrand naseBellville kodwa uScott uthe kusaqoqwa imininingwane mayelana nalesi sigameko.

 - TWITTER:

 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...