Kulimale abantu abathathu kuphaphalaza imoto

2017-11-26 16:29

Cape Town – Kulimale abantu abathathu, oyedwa kubona walima kabi, ngesikhathi imoto ebebehamba ngayo iphaphalaza iphuma emgwaqeni u-Old Ottery yayoshayisa udonga e-Ottery, eKapa ngoMgqibelo ngambama, kusho abosizo lokuqala.

Abosizo lokuqala be-ER24, abeWestern Cape Fire and Rescue Services, kanyenabe-Life Healthcare baye endaweni yesigameko bathola abantu besilisa abathathu besemotweni belimele, kusho okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak.

OLUNYE UDABA: 'Wakhala izinyembezi ehla esikhundleni uMugabe'

“Umshayeli kanye nobehlezi ngemuva balimale kancane. Bathole ukwelashwa endaweni yesigameko bayiswa eVictoria Hospital.

“Omunye obehlezi ngaphambili ulimale kabi kanti kudingeke ukuba akhishwe abosizo lokuqala emotweni.”

Imbangela yengozi ibingakaziwa okwamanje, kusho uVermaak.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...