Kulimale abangu-9 engozini yeloli namatekisi eW Cape

2017-11-07 09:31

Johannebsurg - Kulimale abantu abangu-9 ngoMsombuluko ngesikhathi iloli lishayisa amatekisi amathathu eGrassy Park eWstern Cape, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring uthe abosizo lokuqala, abe-Life Healthcare kanjalo nabeMetro Services bafike endaweni yesigameko bafica iloli liphakathi nomgwaqo, amatekisi wona abeseceleni komgwaqo.

OLUNYE UDABA:Kulimale unogada kubanjwa inkunzi imoto yemali eThekwini

"Abagibeli batholakale bezihambela endaweni yesigameko njengoba besebephumile ezimotweni. Abosizo lokuqala bahlole abagibeli bathola ukuthi bangu-9 abalimalile. Ngenhlanhla, akekho obesesimeni esibucayi," kusho uMeiring.

"Abalimalile balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela esiseduzane beyoqhubeka nokwelashwa."

UMeiring uthe imbangela yesigameko ayaziwa kodwa iziphathimandla bezisendaweni yesigameko ziyophenya.


 - African News Agency

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...