Kulimale abangu-11 kuqhuma ifemu eSasolburg

2017-05-22 11:00

Johannesburg – Abezimo eziphuthumayo bathi kulimale abantu abangu-11 ngesikhathi kunokuqhuma efemini eSasolburg ngoMsombuluko ekuseni.

URussel Meiring okhulumela abe-ER24 uthe abezimo eziphuthumayo bafike kuleli femu ekuseni ngo-08h00 bathola ukuthi abasebenzi besebekhishelwe ngaphandle.

Uyedwa owesilisa olimale kabi kulaba abangu-11 abalimele.

OLUNYE UDABA:Kushe kwangqongqa ifemu eThekwini

Bonke balashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.

UMeiring uthe akukacaci ukuthi lokhu kwenzeke kanjani nokuthi hlobo luni lwamakhemikhali aqhumile, kodwa kukholakala ukuthi yifemu elikhiqiza amafutha.

Amaphoyisa nawo akhona kule ndawo ukuzophenya ngokwenzekile.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...