Kulimale abafundi besendleleni eya esikoleni eSundumbili

2017-02-14 11:03

Durban – Kulimale abafundi ngesikhathi iven abebehamba ngalo liphaphalaza. Lesi sigameko senzeke enyakatho nesifundazwe sakwaZulu-Natal.

Laba bafundi bebelibangise esikoleni ngesikhathi umshayeli weveni ehluleka ukulilawula laphaphalaza, lashayisa irobhothi.

Lokhu kwenzeke ngoLwesibili ekuseni endaweni yaseSundumbili.

OLUNYE UDABA:Abafundi 'badakwe' bayogwazana enkonzweni

UPaul Herbst okhulumela abe-IPSS uthe bangu-18 abafundi abalimele nabahlengelwe kule ndawo.

“Sithe sifika kule ndawo sathola ukuthi uyedwa umuntu osavaleleke emotweni kanti bekukhona amaphoyisa omgwaqo nabezicishamlilo bezama ukulula le moto ukuze aphume,” kusho uHerbst.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...