Kulimale abaduni kuginqika imoto eyebiwe

2017-06-25 09:32

Crammond – Kulimale amadoda amabili asolwa ngokuba ngabaduni ngesikhathi kugingqika imoto okusolwa ukuthi ayebile ku-R33 eCrammond, KwaZulu-Natal, kusho abosizo lokuqala ngoLwesihlanu ebusuku.

Indoda yesithathu okuzwakale ukuthi ibihamba nalawa alimele, ibingekhio endaweni yeisgameko, kusho uRussel Meiring we-ER24 esitatimendeni.

OLUNYE UDABA:Abaduni bakhumulise izithandani

Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko, afica amadoda amabili, eyodwa yawo isesimeni esibucayi.

Womabili la madoda abelele ngaphandle kwemoto ebiseceleni komgwaqo.

La madoda alashelwe endaweni yeisgameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela iGrey neNorthdale eyoqhubeka nokwelashwa.

Iziphathimandla ziphuthume endaweni yeisgameko ziyophenya.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...