Kulimale 7 wabantu engozini yebhasi eThekwini

2017-11-11 14:45

Durban – Kulimale abantu abayisikhombisa ngemuva kokuba ibhasi ebebehamba ngalo liphaphalaze ku-N3 ngaseParadise emzileni obheke ngaseThekwini, ngoMgqibeli ekuseni.

Okhulumela iRescue Care uGarrith Jamieson uthe abosizo lokuqala bafike kweyesehlakalo ngabo-05:00 ekuseni, bathola ibhasi lishayise labhekana nezimoto eziza ngakulona.

OLUNYE UDABA: Uzongwatshwa ngokohlelo lwamasosha owabulawa yisoka

“Ngenhlanhla ibhasi kaliphendukanga. Abantu abayisikhombisa bathole ukulimala okungatheni kanti bonke belashelwe kweyesigameko ngaphambi kokuba bayiswe ezibhedlela ezahlukene eThekwini,” kusho uJamieson.

UJamieson uthe akwaziwa ukuthi yini edale ukuba ibhasi liphaphalaze kodwa amaphoyisa ayaphenya.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...