Kulimale 6 kuqhuma ibhomu lesandla eKapa

2016-12-06 12:33

Cape Town – Amaphoyisa aseWestern Cape ayaphenya ngebhomu lesandla eliqhume emzini oseManenberg ngoMsombuluko, kwalimala intsha eyisithupha.

"Kusaphenywa ngembangela yokuqhuma okwenzeke ngezithuba zabo-18:30 kuGoud Street, eVanguard Estate, eManenberg, lapho kulimale khona kabi abantu abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-20 ubudala,” kusho okhulumela amaphoyisa, uCaptain Federick van Wyk. 

Abayisithupha abathole ukulimala bangeniswe ezibhedlela.

OLUNYE UDABA: Kushone abahlanu kwesokudubulana namaphoyisa eKapa

Kuvulwe icala lokutholakala kwesiqhumane esingavumelekile.

Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela iGroote Schuur Hospital nakwesinye isibhedlela esizimele.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Drizzle. Morning clouds. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: -1-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...