Kulimale 5 wezingane kuqubuka umlilo esikoleni

2017-01-25 18:04

Johannesburg - Kulimale izingane ezinhlanu ngoLwesithathu ntambama ngemuva kokuqubuka komlilo egumbini okugcinwa kulo impahla esikoleni e-Industria, eGoli, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring uthe, abosizo lokuqala i-ER24 kanye nabezicishamlilo bafike endaweni yesigameo bafica kusha igumbu elincane. Abafundi nothisha besebeqalile ukuphuma ebhilidini.

OLUNYE UDABA: Kushone abangu-7 kugqabuka ilangabi ezimotweni

"Abezicishamlilo babe sebebhula ilangabi, abe-ER24 bahlola izingane.

"Izingane ezihlanu ezineminyaka ephakathi kwengu-13 nengu-15 ubudala kutholwe ukuthi zihogele intuthu.

"Ngenhlanhla akekho otholwe esesimeni esibucayi noma eshonile endaweni yesigameko,"Kusho uMeiring.

Izingane ezimbili ziphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane ziyoqhubeka nokwelashwa kanti ezinye zinqabile ukuqhubeka nokulashwa, usho njalo eqhuba ngokuthi abezicishamlilo bakwazile ukubhula umlilo ngokushesha.

Imbangela yomlilo ayikaziwa kodwa iziphathimandla bezisendaweni yesigameko ziyophenya.

 - The Times

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...