Kulimale 17 wabantu engozini yetekisi neloli eGoli

2018-04-17 12:34

Johannesburg - Kulimale abantu abangu-17 ngoLwesibili ekuseni engozini yetekisi neloli kuNic Dierderiks noHendrik Potgieter Road eStrubens Valley, entshonalanga yeGoli.

Abosizo lokuqala i-ER24 bathe itekisi balifice lilele ngohlangothi eceleni kweloli, eceleni komgwaqo.

"Abosizo lokuqala bahlole bonke abantu bathola ukuthi bangu-17 abathole ukulimala. Ngenhlanhla abekho abalimale kanzima noma abashonile endaweni yesigameko," kusho uRussel Meiring, okhulumela i-ER24

Kusolwa ukuthi inkungu imbangela yeisgameko.

OLUNYE UDABA:Udale ingozi kwashona abantu obebalekela amaphoyisa eKZN

Khonamanjalo, kwesinye isigameko, kushone indoda ngemuva kwezithuba zabo-07:00 ekuseni ngoLwesibili ngesikhathi ishayiswa yimoto kuM1 highway eBooysens, eGoli.

Isidumbu sale ndoda besidindilize phakathi nomgwaqo. Imoto ibime eceleni komgwaqo amamitha angu-300 nesidumbu.

"Le ndoda ihlolwe ngabosizo lokuqala bathola ukuthi ithole inqwaba yamanxeba futhi ingatshengisi zimpawu zokuphila. Ngeshwa akukho obekusengenziwa yahlonzwa njengeshonile khona endaweni yeisgameko," kusho uMeiring.

Umshayeli wemoto akazange alimale.

Iziphathimandla zendawo bezisendaweni yeisgameko ziphenya.

 - TimesLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...