Kukholakala ukuthi ngesobenyamalele esikhafulwe wulwandle

2016-02-02 11:21

Cape town - INational Sea Rescue Institute (NSRI) iphendule isicelo seSouth African Police Service sokuba isize kuthungathwe umfana oneminyaka engu-17 ubudala onyamalale  eMelkbaai eStrand.

“Amaphoyisa abesenze konke ukuthungatha ngaphandle kwamanzi ibhungu elinyamalele, kanti bekunokwesabela ukuthi kungenzeka ukuba liyekobhukuda, langabelisabuya…” kusho i-NSRI esitatimedeni.

I-NSRI eGordon Bay iqalise ukuthungatha olwandle.

Funda nalolu daba: Uthi konke kuhamba kahle umlingisi wodumo

Abakwa-NSRI bajoyinwe aboMnyango wezeMpilo be-Emergency Medical Services (EMS) kodwa lutho ukutholakala umfana.

Ngemuva kwalokho kumisiwe ukuthungathwa kwakhe umfana ekuseni ngoMsombuluko.

Kodwa, ngemuva kwalokho, isidumbu somfana sikhafulwe wulwandle.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...