Kukhishwe incwadi entsha ekhuluma ngomlando wesizwe samaZulu

2017-10-16 18:00

Durban – Sekuphume incwadi ephendula eminye yemibuzo abantu abebenayo ngesizwe samaZulu, exoxa ngempilo yalesi sizwe kanye nendlela esasenza ngayo izinto emandulo.

Le ncwadi kaShalo Mbatha esihloko sithi uZulu, Umlando Nobuqhawe BukaZulu ibheka iminyaka engu-800 yomlando wesizwe samaZulu.

UMbatha, owayeyintatheli kepha manje osesebenzela iGauteng Film Commission, uchaze ibanga elide alihambile ezama ukuhlanganisa le ncwadi.

“Ayikho indawo engingayihambanga e-KZN ngilala emizini yabantu ngoba ngifuna ulwazi. Kube yisikhathi esimnandi kakhulu,” esho.

Okunye athi ukufundile ngesizwe samaZulu ukuthi kungani esithanda kangaka isithembu.

“Ngifunde ukuthi isithembu akuyona nje into ephakathi kwabantu besifazane ababili noma abathathu abashade indoda eyodwa. Isibonelo nje, uma wena njengonkosikazi ugula, lawa amanye amakhosikazi angakusiza ngokuthi anakekele izingane zakho aphinde athathe isikhala sakho ekweneliseni umyeni.”

UMbatha uthi ayikaze ibe khona incwadi yalolu hlobo njengoba ize yachonywa uphaphe legwalagwala yiSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

OLUNYE UDABA: ISilo namanje asineme ngegama lomsakazo Ukhozi FM

UMbatha uthi ocwaningweni alwenzile uphinde wathola nokuthi uJan van Riebeeck kwakungeyena umlungu wokuqala ukufika kuleli, kepha bakhona abafika ngaphambi kwakhe.

Le ncwadi iphinde ixoxe nangokuthi amaZulu ayesebenzisa ithambo lenhlanzi ukukama izinwele noma ezinye izinto ezakhiwe ngezimpondo nangezihlahla.

Iqhuba ithi amaZulu ayedla isidlo sokuqala ngo-11:00 futhi edla kabili kuphela ngelanga. Abantu babesebenza zonke izinsuku, okusho ukuthi yayingekho indaba yezimpelasonto.

Kuphinde kuvele ukuthi abesifazane babedla inyama ebilisiwe kuthi abesilisa bona badle eyosiwe.

UMbatha uveza nokuthi iNkosi uShaka wayengakuphasisi ukuthi amadoda abe nezingane engakafinyeleli eminyakeni engu-40 ubudala, ngoba uma usukule minyaka kusho ukuthi usuzilwile izimpi eziningi.

Kuvela nokuthi izibongo zikaShaka ezidumile, ikakhulukazi lo mugqa othi “ilembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha”, abantu abanakho ukuqonda kahle ngawo.

UMbatha uthi abantu abaningi bazitshela ukuthi ilembe yisilwane esithile, ekubeni empeleni kwakungumuntu wakwaNdwandwe awayephila ngesikhathi sikaShaka.

Thola udaba oluphelele kwiTimesLive.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...