Kuhlule imithandazo ukuhayiza kwabafundi okuphazamise izivivinyo

2016-10-29 12:04

Durban -  Kuphazamiseke izivivinyo zikamatikuletsheni esikoleni iMaqhingendoda High eMkhazane oLundi ngesikhathi abafundi behayiza abanye beginquka phansi.

Umzali ozibonele lokhu kwenzeka uthe abafundi besebeqalile ukubhala ngesikhathi abanye abafundi bekhala.

OLUNYE UDABA: Kuphazamiseke izivivinyo kusha isikole eLimpopo

"Abanye abafundi bebeginqika phansi kuqhuma isikilo phezulu. Kuhluleke ngisho othisha nabanye abazali bethi bayathandaza."

Iphephandaba iSOLEZWE lithole ukuthi kunabafundi abagcine bengalibhalanga iphepha le-accounting ngenxa yobumayemaye.

Isililo sigcine sesiklapakela nakwabanye abafundi bakamitiletshni .

Imizamo yokuthola uvo lomnyango wezemfundo KwaZulu-Natal kulolu daba ayizange iphumelele. 

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...