Kuhlomule abafundi baseMlazi ngeminikelo

2016-05-30 14:33

Durban - Kuhlomule odado baseMlazi ngomnikelo wezinkampani ezinkulu ezintathu.

Izungu Investments company (Zico), i-SAFLOG-SAFreight Logistics(Pty) LTD kanye neeSpihiwe Tshabalala Foundation zinikele ngezicathulo zesikole kubafundi baseMafukuzela Primary.

Lezi zinkampani zimeme nowe-Vuma FM ukuba abe yingxenye yalo mcimbi lapho bekukhuthazwa nabafundi ngokubaluleka kwemfundo.

UPhumlani Dube owaziwa ngo-Big Pun emsakazweni weluleke abafundi ngokuthi: "Imfundo ibalulekile ngoba yiyo engaguqula isimo sempilo yakho iqhakazise nekusasa lakho."

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Izinkampani zinikela ngezicathulo esikoleni

USiphiwe Tshabalala naye obekayingxenye yalo mcimbi uthe, "wonke umuntu engalidlala ibhola kodwa  kubalulekile ukuqala ngemfundo ugcine ngalo ibhola, uma ufunda wonke amaphupho akho ayafezeka, ibhola alihambi lodwa lihambisana nemfundo."

Abanye abahambele lo mcimbi uMama uPhindi Gwala noYolanda Gwala be-SAFLOG, uSandile Zungu we-ZICO Investments company noqhamuka emnyangweni wezemfundo uMama uShamase nabanye abamele ibhodi elengamele lesi sikole.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...