Kuhlengwe amantombazane asemancane emzini wabaqwayizi

2017-07-21 19:28

Johannesburg - Amaphoyisa aseBloemfontein ahlenge amantombazane amathathu emzini wabaqwayizi okuZastron Street, ngemuva kokuba amaphoyisa egasele khona kungazelele muntu ngoLwesine, kubika iBloemfontein Courant.

Kuboshwe owesilisa odabuka eNigeria ngecala lokushushumbisa abantu nokuqhuba ibhizinisi lamayengandoda.

Le ndoda kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngoMsombuluko wangomhlaka-24 Julayi.

Okhulumela amaphoyisa, uChaka Marope, uthe ibhilidi okutholakale kulo la mantombazane sekunesikhathi amaphoyisa eliqaphile njengoba bekusolwa ukuthi yilapho okucasha khona izigebengu nabaqwayizi futhi kuphinde kugcinwe kulo impahla eyebiwe, izidakamizwa kanye nokunye okungekho emthethweni.

OLUNYE UDABA:Isalukazi sebenzisa umuzi waso njengendawo yokusebenza abaqwayizi

"Kuhlengwe amantombazane aneminyaka ephakathi kwengu-16 nengu-21 ubudala, ngemuva kwezinsolo zokukhiyelwa kwelinye lamagumbi okusolwa ukuthi lisetshenziswa njengendawo yabaqwayizi.

"Kuphinde kusolakale nokuthi izisulu bezigcinwe kuleli gumbi ngaphandle kwemvume yazo izinyanga eziyisithupha zisebenzela umnikazi wendawo ebezigcinwe kuyo.

"La mantombazane akhululiwe ahanjiswa emakubo eMangaung," kusho uMarope. 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...